Zulu
Umzimba wami ngumzimba wami (Sub-titles)
Umzimba wami ngumzimba wami
Sanibonani, igama lami ngingu-Cynthie namuhla sizokwenza uhlelo “Umzimba wami ngumzimba wami
Sizocula amaculo, sibe nesikhathi esimnandi futhi sifunde ukuthi sizigcina kanjani siphephile.
Niyazi, imizimba yethu ibaluleke kakhulu futhi akekho onelungelo lokusihlukumeza noma asithinte izindawo eziyimfihlo noma enze noma yini engasenza singaphatheki kahle ngoba umzimba wethu ubaluleke kakhulu.
Njengamanje sizokwenza sizocula iculo lokuqala futhi ngicela nicule nami.
Umzimba wami ngumzimba wami
Umzimba wami, ngumzimba wami futhi akekho onelungelo lokungihlukumeza ngoba umzimba wami ngumzimba wami,
Umzimba wami, ngumzimba wami futhi akekho onelungelo lokungithinta ngoba umzimba wami ngumzimba wami
Nginezandla ezimnbili zokuthinta futhi namehlo okubona
Futh nezindlebe ezimbilili zokuzwa lokho ongitshela kona
Nginezinyawo ezimbili ukungiyisa lapho ngiyakhona
Futhi nginezindawo eziyimfihlo engingafuni ukuziveza
Umzimba wami, ngumzimba wami futhi akekho onelungelo lokungihlukumeza ngoba umzimba wami ngumzimba wami
Umzimba wami, ngumzimba wami futhi akekho onelungelo lokungithinta ngoba umzimba wami ngumzimba wami
Nginezinwele ekhanda lami engifuna uzibone
Nginenkaba maphakathi name
Nginekhala elihle kanye nezinzwane ezilishumi
Futhi nginomlomo ukukutshela lokho engifuna ukwazi.
Umzimba wami ngumzimba wami
Futhi akekho onelungelo lokungihlukumeza
Ngoba umzimba wami ungumziba wami
Umzimba wami, umzimba wami
Akekho onelungelo lokuwuthinta
Ngoba umzimba wami ungumziba wami
Yebo umzimba wami ungumzimba wami

Uma kungalungile Ungakwenzi
Sizolijabulela leliculo elilandelayo
Linomgomo okubalulekile ukuthi siwukhumbule
Umgomo ukuthi – Uma ngibona ukuthi ayilungele into – angiyenzi
Angikhulumi ngezinto ezifana nomsebenzi wakho wesikole noma ukuhlanza ikamelo lakho
Ngikhuluma ngesimo lapho umuntu efuna uhambe naye, wena ube wazi ukuthi akulungile
Uma kungalungile – ungakwenzi!!
Noma uma befuna ukukwenzisa into engalungile
Uma kungalungile – Ungakwenzi!!

Uma kungalungile – Ungakwenzi!!
Kunabantu lapha ngaphandle abacabanga ukuthi uyisilima
Futhi bayazama ukukunika izidakamizwa, bangafuni uye esikoleni
Bakutshele ukuthi gcina izimfihlo, kodwa wena yazi kumele wenzeni
Uma kungakulungele Ungakwenzi, Huh!!
Qha, uma kungalungile Ungakwenzi
Qha, uma kungalungile Ungakwenzi
Abantu bangakutshela ukuthi bayakunakekela
Angisho ukuti ukuthi ungaxoxi nabanye
Kodwa uyozwa ngaphakathi kuwe uma kukhona okungalungile
Uma kungalungile Ungakwenzi
Qha, uma kungalungile, Ungakwenzi, Huh!!
Ungakwenzi, Ungakwenzi
Qha, uma kungalungile, Ungakwenzi, Huh!!
Ungakwenzi, Ungakwenzi
Qha, uma kungalungile, Ungakwenzi, Huh!!
Uma kungalungile – Ungakwenzi!!

“Uma kwenzeka”
Sizodlala umdlalo obizwa “Uma kwenzeka”
Kunemibuzo kanye nezimpendulo
Uma ufuna ukuba ngumnqobi ngaso sonke isikhathi
Ilokhu okumele ukwenze
Yithi Cha! Uthi nje Cha!
Uma kwenzeka kuphuma iskole
Umuntu ongamazi ezama ukukuyisa ekhaya
Eshayela imoto enhle entsha
Bekubingelela befuna ukukugibeza
Oh Cha, angikwazi wena
Angeke ngigibele emotweni yakho
Ngoba uMama noBaba bangitshela
Ngingalokothi ngihambe nomuntu engingamazi,
Angothi Chat!! Ngithe nje Cha!!
Manje-ke uma kwenzeka, usekhaya
Umisisi wasekhaya okugadayo
Ezama ukukuthinta ngaphansi kwengubo
Ungenzenjani?
Ubothi Cha,mgadi wami
Angifuni ungithinte lapho
Ngoba leyo indawo yami eyimfihlo
Futhi umzimba wam akusiwo owakho,
Ngiyothi Cha!! Ngithi nje Cha!!
Sidlala umdlalo othi “Uma kwenzeka”
Kunembuzo nezimpendulo zakho
Uma ufuna ukuba ngumnqobi ngaso sonke isikhathi
Ilokhu okufanele ukwenze,
Thana Cha! Uthi nje Cha!
Manje-ke, uma kukhona
umngani noma ilunga lomndeni
elikuthinta izindawo ezingaphansi noma elikuhlukumezayo
nokuyinto engalungile, uyothini?
Ubuthi Cha!
Ngicela ungakwenzi lokho
Angithandi ungithinte ngaleyondlela
Noma ngikukhonze ngampela
Kodwa ungakwenzi lokho kimi
Ngoba ngimncane uyabona
Ngizothi Cha, ngithi nje Cha!
Ngithi Cha!
“Uma kwenzeka”
Manje sesizodlala umdlalo othi “Uma unenkinga”
Kulengoma sizofunda ukuthi senza kanjani
uma umuntu esingamazi efuna ukuhamba nathi
noma umuntu ezama ukusithinta izindawo zethu eziyimfishlo
Uyayazi indawo ikuphi indawo yakho eyimfihlo?
Ilapho ibhulukwe noma isketi sakho isifihle khona
Akekho namunye okufanele athinte indawo yakho eyimfihlo ngaphandle uma useyingane encane kakhulu
UMama noma uBaba kufanele akugeza indawo yakho eyimfihlo, kodwa ngokushesha uzofunda ukuzigeza
Noma ugula noma kubuhlungu, uMama noma uBaba noma uDokotela
kungafanele afake umuthi lapho, kodwa ngaphandle kwabo akekho okumele athine indawo yakho eyimfihlo.
Sizfunda futhi ukuthi senzeni
uma emndenini nasemakhaya ethu besenza singazizwa kahle noma besihlukumeza, Okufanele ukwenze kumlodlalo umemeza u- “CHA”, ngifuna nimemeze kamnandi kakhulu
“Uma kwenzeka”
Uma unenkinga
Kusemqoka ukwazisa othile uma kukhon aokuhlukumezayo noma okuthinta izindawo eziyimfihlo
Noma uzizwa usaba noma uphoxekile kufanele ube nesibindi esikhulu utshele othile. Baningi kakhulu abantu ongabazisa:
uMama, uBaba, uGogo, uMkhulu, uAnti, uMalume, Thisha, uMzala,Umakhelwane, abazali bomngane wakho, amaPhoyisa, abahlengikazi kanye nabantu aseduze kwakho.
Uma ubatshela bengakukholwa, bangaze bakutshele ukuthi ukugcine lokho kuyimfihlo, kodwa qinisekisa uahamba utshele omunye.
Uma bengakukholwa, utshele omunye futhi, ulokhe utshela abanye uzoze umthole ozokulalela.
Ungalokothi uphele amandla !!
Uma unenkinga

Uma unemkinga
Uma unenkinga ungazi kumele wenzenjani
Hamba uxoxele othile, baze bakulalele
Kufanele uthole umuntu ozomxoxela ngalokho okukuphethe kabi
Uma unenkinga thola umuntu ozokulalela
Khuluma noMama noma uBaba
noma uGogo noMkhulu futhi
uAnti wakho noma uMalume
noma uTisha eskoleni
Kufanele uxoxe kuze kube khona okulalelayo,
uma unenkinga thola umuntu ozomtshela
Uma kukhona okuhlukumezayo
futhi awazi wenzenjani,
hamba uyotshela othize aze akulalele
Kufanele uthole othile,
ukumxoxela ngoalokho okukuphatha kabi
Uma unenkinga, thola othile ozokulalela
Khuluma nomakhelwane,
umaluleki wakho eskoleni
Umuntu omaziyo noma omthembayo
Ukuxoxa ngezinkinga zethu kufanele
Qhubeka uxoxe kuze
kubekhona okulalelayo
Uma unenking
thola umuntu ozomxoxela ngayo
Uma unenkinga khuluma
ngayo kuze kube khona okuzwayo

Uthando lumnene, Uthando uzwelo
Uthando lumnene,
Uthando uzwelo
cula njalo uzothola
ziningi izinto ezimnandi esingazenza
ukukhombisa uthando lwethu
Angeke wangifundela incwadi
Noma siye phandle siyodlalaibhola
Ungangisiza ngigibele iBhayisikile lami ukuze ngingawi
Ziningi kakhulu iznto
Esingazenza ndawonye
Ziningi kakhulu izindlela
esingakhombisa ngazo ukuthi siyanakekela
Ziningi kakhulu izikhathi
esingatshelana ngazo ukuthi ngiyakuthanda
Uma unesikhathi
ngingathanda ukuba kanye nawe
Uthando lumnene
Uthando uzwelo
Cula uzothola ukuthi
kumnandi ukwabelana ngazinto kanye nawe

Uthando lumnene, Uthando uzwelo
Ake sikhulume ngothando, kubalulekile ukuthandwa.
Futhi abantu abalukhombisi uthando lwabo kuwe ngokukuhlukumeza, noma ngezinto ezikwenza ungazizwa kahle.
Abantu bakhombisa ukuthi bayakuthanda ngokwenza izinto ezifana nokufunda izincwadi, ukudlala imidlalo, ukuba nesikhathi esimnandi nawe, bazule noma bakufundise ukugibela iBhayisekile.
Uthando lumayelana nokwabelana nokunakelelana.
Abazali bethu nabanakekeli bethu bayaqinisekisa ukuthi siphephile. Basipha ukudla, baqinisekise ukuthi siyaxubha amazinyo, nokuthi sinezingubo ezihlanzekile zokugqoka,
futhi uma sigula basiyisa kuDokotela.
Kubalulekile ukuthi sinakekelwe kahle, khona sizokhula sinempilo, sijabulile fithi siqinile
Uthando lumnene, Uthando uzwelo
Ngiyathemba nikuthokozele ukucula lezingoma kanye nathi, nakuthi nizokhumbula izinto enizifundile ngokubaluleka kwemizimba yenu. Khumbula ukuthi Cha!! Uma kukhona uzama ukukuthinta izindawo zakho ezimfihlo noma ezama ukukwenza into engalugile noma ekuhlukumeza.
Khumbula umgomo ‘Uma kungalungile - ungakwenzi
khumbula futhi ukutshela othize omthembayo uma uhlukumezeka noma ingayiphi indlela
futhi lokhu utshela abantu baze bakulalele
Ungalokothi uphele amandla
Asiculeni iculo “Umzimba wami ngumzimba wami” futhi!!

Translations kindly done by : Lindo Mbatha
With thanks to Stichting GetOn
South Africa